Ezikamasikandi Zithi Khumu Kumtalabho Woqhawe Lami.

Izinsinwa eziningi ezidume ezinkundleni zokuxhumana ikakhulukazi uTik Tok ngokuba abagadli namadifenda amaqhawe abo ikhakhulukazi abalandeli bakaMthandeni Ndlabeyiphika Manqele waseMdletsheni ohola amaRed Nation kanye noKhuzani Ndlamlenze Mpungose waseNkandla ohola amaBlue Nation. Kubukeka engathi ngeke kusaba khona ukutalabhana kubalandeli nalapho suke begxeka yonke into yembangi yomholi wabo enhle nembi kuyafana akukho abakuncomayo.

Lesinqumo salezinsizwa silandela ukuthi kwenzeke isigameko sokudutshulwa kubulawe insizwa ebingumlandeli kamaskandi lapho beyinduna yeZakwaqgilaza Umthakathi umfoka Ali Mugube. Lensizwa bizibiza ngoDubula Mavava Mbatha kuTik Tok wayo, nalapho abaningi basola ukuthi ukudutshulwa kwakhe ngalemvula yezinhlamvu inomthelela wakwaTik Tok. Lensizwa idutshulwe eGoli endaweni yokushisa inyama kwaSteve, eJullies.

Izinsizwa zibe sezenza amavidiyo emakhasini awo kaTik Tok. UMax Makhanya naye odume kakhulu ngokutalabha okunenhlamba embi kwezeNdlamlenze. ” Mina Max Makhanya waseMbumbulu ekama ngehleza eMadundube kwaDlukhokhe isgodi. Ngithi Lakumaskandi angisenalo iqhawe lomculi, akasekho umculi okuthiwa yiqhawe lami nomculi engisazoba umlandeli wakhe la kumaskandi. La kumaskandi angiselona idifenda lomculi. angisesiso nestriker somculi, angisiyona ngisho imiddlefielder yomculi, angiseyilutho nje kumaskandi. Angisezolandela umculi, angisezosaphotha umculi akekho nomculi engizomlwela la kumasikandingiyaphuma kuyo yonke into ephathelene nokuba umlandeli noma umlweliwomculi kuTik Tokla kumaskandi. Zonke izimpi sika maskandi mina nje zonke izimpi ngiyaphuma kuzozonkenke, ngithi amajoka, ngithi izintambo ngizibeka phansi, akasekho umculi olandelwa uMax Makhanya. uMax Makhanya akasenalo iqhawe. Akasekho futhi umuntu ozotalajwa, noma ozotalabhana noMax Makhanya” kuqhuba uMax kwividiyo yakhe kuTik Tok.

Kanti nakumaRed Nation iqhawe lakhona elitalabha kakhulu ozibiza ngoMtshali waseDumbe kuTik Tok naye uphawulile wathi ”Emva kokuthi ngilalele uLive kaKhuzane lo agcine ukuba nawo ube namagamanyana angihlabile kuloya Live athi kunabantu abahlale kuTik Tok bechomelane bachomelane bese kuba ngathi kuyadlulela ekuchomelaneni begcine bekhuluma nezinto ezibulala umsebenzi wamaciko, wase echaza ethi uma uzofika uthi ungfice ngidayisa amagwinya uthi lamagwinya lawa ayabheda anosawoti omningi nawa amagwunya araythi, usho ukuthi lomuntu lo ogeje amagwinya weqisa uswayi usuku olulodwa sekumele manje ehanjelwe amakhasitoma abulawe indlala afe nomndeni wakhe uze ulambe impela ngenxa yokuthi waba nephutha wageja usawoti usuku olulodwa emagwinyeni mhlampe wabamningi mhlampe akawufakanga.

Wena suzothi amagwinya alapha ayabheda wayeke hamba uyothenga lawa. Leyonto ingithintile bafwethu ngoba nami ngiwomunye wabantu abathanda kakhulu ukutalabha noma ukublokla laphana koTik Tok, khona bafethu kumnandi ukubhokla nina aniyi andastendi lento ukuthi imnandi lento. Ngiyakhumbula ngelinye ilanga ngithi iqhawe liphefoma ngezinsimbi zo ice cream bahleka abantu uyabo kwaba mnandi kodwa uma umfethu esephumele obala washo ukuthi izinto ezikanje ziyawucindezela umsebenzi wakhe ngandlela thizeni lapha nalapha.

Eeeeeeeeh bafethu kuzomele siyilungise lendaba, lento sayiqalake sasibaningi sasingabalandeli kwakwabakhe ithina ngala, so besho something nathi sisho something yagcina iphuma esandleni, kwagcina sekunabantu abagcine sebefaka izindabaezingangenu emculweni beze beyongena emakhishini nasemahhotela lapho umculo ungangeni khona nami ngiyabona ukuthi into embi ngoba isingene ezindaweni eziwrong thina kakuwukuthi nje siyazibhoklela lapho sithi iqhawe lakho ligejile laphayana esteji libhombile nomunye ethi ingani nawe iqhawe lakho laphana lidla umzila kaKim lapho ngibona iqhawe ligqoka amatrack pants lifaka iskibha ngaphakathi libophe kakhulu, bese ngithi lidla umzila kaKim ngizidlalela nakhona kwangasiyo into epersonal leyo ngangikhuluma into eyenzekile kodwa ngoba izinto esizishoyo abantu bayazikholwa ngoba bekholelwa kithi begcina bekhola ukuthi injalo noma ngithi idixa liyigejile ingoma ebese abantu becabanga ukuthi liyigeje ngempela kanti cha usuke eculile ngakho mina as uMtshali eDumbe angisezukuba mningi kulento yokubhokla” kusho umfokaMtshali inkulumo egcwele ungayibheka kuTik Tok.

Abanye abathi khumu kulento yokubhokla uMdu waseMtubatuba naye owaziwa kakhulu njengeRed Nation, Umhlaka01 waseMtuba kwezamaBlue Nation naye uthi ngeke esabhokla bakhonake nabanye nhlangothi zombili abathe ngeke besaqhubeka nokubhokla kwabo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *