Umdlali odabuka ezweni laseNorway uErling Haaland oneminyaka (24) ubudala ogijima eqenjini lase England, iManchester City FC, useqophe umlando ukuthi ebe ngonamagoli amaningi ezweni lakhe ngoba izolo eshaye igoli lama (35) emdlalweni yakhe yesizwe engama(38), lokho kube sekumbeka emlandweni omuhle kakhulu ebholeni likanobhutshuzwayo. Leli goli limenze wadlula omakade bebona bakwamanye abazwe singabala isilomo sase Argentine uDiego Maradona yena owakwazi ukufaka amagoli (34) kuphela edlalela izwe lakhe.
Emdlalweni abewudlala nezwe lakhe lapho bebhekene khona nezwe laseSlovenia, nalapho benqobe ngebhudlu yamagoli. Lensizwa idlale imizuzu engama 86 nalapho akakwaze ukutholela izwe lakhe igoli aphende asize umdlali wangakubo ukuthi naye ashaye igoli. Kulomdlalo ibhola ulithinte ka26 kodwa wakhipha amaphasi aqondile ayi12, yaba nokukhahlelela ipali okuyingozi okubili nalapho ekwazile ukuzitholela igoli. Izwe lakhe iNorway iphumelele ngamagoli amane kwathi iSlovenia sathola elilodwa nje lokubika ukuthi nalo belikhona emdlalweni