Ngesikhathi kushuthwa ividiyo yomculi weHip Hop osenkantshubonzu uEminem kuvele izindaba zokuthi usezoba umkhulu. Levidiyo yengoma i’Temprary’ yalomculi ephume ngomhlaka 3 October esuka ecwecweni lakhe iThe Death of Slim Shady ebambisene no Skyler Grey. Kulevidiyo yalomculi osemnkantshubomvu ngoba eseneminyaka engamashumi amahlanu nanye 51 ubudala, igama lakhe lokuzalwa uMarshall Mathers.
Levidiyo yalomculi ibiveza ngobudlelwane bakhe nendodakazi yakhe uHailie Jade nalapho evele beyicaphuna ebunganeni bayo lentokazi kuse kufike egabeni sakhe sobudala lapho eseshada ngenyanga kaMay. Kulevidiyo yalomculo kubonakala indodakazi iqhamuka ngemuva kukayise nesthombe esiveza ukuthi izithwele kanye nesikibha esombala oyisibhakabhaka esibhalwe ukuthi’ mkhulu’ kusona. Lokho bekukwazisa uyise ukuthi usezoba umkhulu ngaba indodakazi izithwele.