cula

Kushone abathathu ngesikhathi kunokudubulana phakathi kwamaphoyisa nezinkampani zonogada nezigebengu,ezisolwa ngokuduna izimoto eMlazi okuyilokishi eliseNingizimu yeThekhu. Lapho kubonakale imoto yohlobo lweHyundai i10 obesekubikwe ukuthi iduniwe, kwesinye sezigceme zalelilokishi okuthiwa isgceme R kungakapheli neskhathi eside kubikiwe.

Abasolwa bajikijele umgilwa ngaphandle kwemoto bacela empunzini. Okuthe amalungu ahlukahlukene ezomthetho obekungmaphoyisa akhona eMlazi, uMlazi Vispol, izinkampani zonogada Fidelity SIU,ATS Security kanye neMshazi Security babe sebehlala abagqozo kulemoto ebese idla amagalane yakwaHyundai eyebiwe.

Abasolwa emva kokuthi bavinjezelwe ekhoneni babe sebezama ukivula indlela ngokudedela izulu lezandla nokubadalele amazinyo ambushelelezi kwabakwasidlodlo ngoba nabo babe sebephindisela nalapho bebadubule bonke abasolwa bavakashela oyisemkhulu babo ngokukhulu ukushesha. Emaphoyiseni kudubuleke elilodwa kabuhlungwana kodwa kubikwa ukuthi seliyowuphosa umbalani esbhedlela

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *