Umcimbi weqembu loMkhonto wesizwe ube enkulu impumelelo ngoba abantu bebephume ngobuningi babo ukuyothamela lomcimbi. Bazokhumbula abaningi ukuthi ngomhlaka 15 December 2023, lowo oweyenguMongameli wezwe laseNingizimu Afrika aphinde abe uMongameli weAfrican National Congress (ANC) ngalolusuku wamemezela ukuthi yena ngeke ayivotele i-ANC kaRamaphosa ngoba akusiyona lena akayaziyo. Wabe esememezela ukuthi yena uzovotela iqembu elisha iMK.
Emva kwaleso simemezelo kwaba usebase umlilowequbula owawusha izihwanguhwangu ezinhlizweni zabantu abaningi ikakhulukazi esifundazweni sakwaZulu-Natal. Lapho wonke umuntu owayenganelisekile ngendlela ubuholi beqembu elalibusa obabuziphethe ngayo wavuma ngo elethu ekulandeleni umnumzane Jacob Gedleyihlekisa Zuma. Lokho kuba intandokazi kukaMsholozi kwabonakala okhethweni ngoba iqembu elisha lawashaya onke emakhanda esifundazweni. Yize nomake kwaba nezikhalo zesandla senkawo emavotini.
Izigaba Ezigqamile EMabhida Ebigcwele Ichichima
Kuthe ngolwesihlanu ebusuku kwagijima izindama zokuthi abaphathi bezitimela ezweni okuwu Prassa bathi ngeke besayinika izitimela iMK ukuze abalandeli babo bezokwazi ukuya kalula enkundleni. Lapho kubalwa amalikishi amakhulu eThekwini okuwuMlazi, KwaMashu kanye neMpumalanga. Lokho kubakhalisile abalandeli abaningi bathi lohulumeni ophethe usaqhubeka nokubabamba ngophondo ukuze kuzokonakala umcimbi weqembu labo.
Konke lokhu akubavumbanga abalandeli boMkhonto Wesizwe abebefike ngobuningi babo elangeni ebelikhopha uMkhovu etsheni nokugcina sekuba nomthelela ekuhlaleni kwabantu enkundleni nalapho abese bebhincele nganhlanye lapho bekugcwele khona ithunzi abanye besezimotweni abebehamba ngazo nasemabhasini benzela ukuthola ithuzi lokukhipha ukushisa. Lelilanga ebelivutha bhe lenze umcimbi wagcina uqala selimathunzi kakhulu ilanga. Nalapho abanye bese beyogibela bebuyela emakhaya ngoba abantu abaningi bebezifikele bona ngamatekithi athutha umphakathi.
Ukubonakala Kwendodana KaZuma uDuduzane.
Ubonakale okokuqala uDuduzane efake isikibha senhlangano eholwa uyise uMkhonto wesizwe nakubake isikibha sakhe besibhalwe okuhlukile kunaloMKP ochaza uMkhonto Wesizwe Party. Esakhe isikibha besibhale uMKP kodwa uM bumele uMoney, K umele Knowledge kuthi uP osekugcineni wona umele Power.
Uqhamuke kwaduma inkundla abantu bemujabulela abanye beshutha naye izithombe ngoba uthathe isikhathi sakhe nje wazungeza yonke inkundla enjalo nje bengajahile enesineke sonke kubalandeli ebebemjabulela futhi becela nokushutha izithombe naye. Emva kokuqeda leyonto yakhe yokushutha nabalandeli nokubaxhawula ube esenyamalala. Emva kaDuduzane kuqhamuke uMolemo Maarohanye odume ngoJub Jub naye oyilunga leMKP wajabulisa abantu ngokuvela kwakhe ebaxhawula.
Inkulumo kaMongameli WeMK UJacob Zuma
Ubingelele izivakashi wazamukela ukuthi zibe mdibi nabo ngosuku lwabo lokubungaza ukuqeda unyaka iqembu lisunguliwe, waphinde wabonga abalandeli abadele ukushisa kwelanga beza bezothamela umcimbi. Wabe eseqala inkulumo yakhe yosuku nalapho okubaluleka kakhulu kulenkulumo nokuyinto akayiqguqguzele kakhulu ubumbano lwabantu abamnyama.
UMsholozi uthe ngezikhathi zobandlululo amaNgisi namaBhunu ayehlukene amaqoqo amabili amancananye kodwa besephethe. Ekusiphatheni kwabo basisusa emhlabeni nasemasimini okhokho bethu avundile bayosiphosa le emaweni nasematsheni amanungi lapho sasingeke sikwazi khona ukulima singabantu abamnyama.
Bona base benza isivumelwano ukuthi ngoba abantu abamnyama baningi kunathi ngeke bevote kuzovota bona bodwa ukuze bezolawula uhulumeni wezwe nawo wonke amagugu ezwe bodwa. Nokwinto eyadala ukuthi abaholi bakudala namakhosi ahlangane akhe umbutho ozolwisa lesenzo. UMsholozi uncome kakhulu abantu bakudala wathi babengafundile kodwa babehlakaniphe kakhulu ngoba bakwazi ukulwisana nenkinga yangalesosikhathi. Waphinda wakhala ngetsha yesmanje wathi ifundile kodwa ayinabo unuhlakani bokubona into elungile nekungeyona futhi izumela kalula nezinto ezingekho.
Ukhalile ngokuthi kwakhwatshaniswa amavoti aba okuyinto engabahleli kahle nakuba udaba lusenkantolo enkulu. Wagqugquzela ukuthi bonke abantu abaseke iqembu laMkhonto ukuze isimo sokucindezwelwa komuntu omnyama sizoshintsha. Ube esegxeka amaqembu ayaziwa ngokulwela abantu abamnyama ukuthi manje asesebenzisana nabamhlophe ukwakha uhulumeni, nokuyinto akayibize ngechilo emlandweni wenkululeko yomuntu omnyama.
Uphawule ngokwanda kobugebengu ekhala ngokuthi ubugebengu bunyuswa ukuntuleka kwamathuba omsebenzi nokugcina kwenza abantu bewela ekwenzeni izinto ezimbi. Nathe abantu abahlangane belwise isihlava sendlala, ukungasebenzi, ubugebengu kanye nazozonke izinqinamba ezibhekene nomuntu omnyama. Ube esevela ngengoma yakhe yoduma umshini wami.