Bavele eNkantolo Abathumbe Usomabhizinisi.

Abantu baseMozambique u-Esmael Nangy noStefan Brites, kanye nephoyisa laseNingizimu Afrika uSamkeliso Honest Mlotshwa, ababhekene namacala okuthumba usomabhizinisi uZakariyya Desai, bavele eNkantolo yeMantshi yaKwaDukuza ukuze bafake isicelo sebheyili ngokusemthethweni.

UDesai uduke ngemuva kokuphuthunyiswa ngaphandle kwe-mosque, kanti kusukela lapho ulahlekile.

Ithimba laKwaZulu Natal DPCI (Hawks’) Provincial Tracking Team labe selisebenza nguKhomishana wesiFundazwe, uLt Gen Nhlanhla Mkhwanazi, kanti leli thimba belilokhu lilandela umkhondo ezweni lonke. Laba bobathathu baboshwe ngasekupheleni kwenyanga edlule.

Okuphawuleka kakhulu ukuthi ungowaseMozambique, u-Esmael Nangy, uyinkosi esolwa ngokuthumba efunwa umhlaba wonke. Lesigameko sokuthumba sesiyinsakavukela umchilo wesdwaba kulelizwe, kanti ngaso sonke iskhathi abantu abasuke bengongqondongqondo ekuhlelweni kwetulo abavela emazweni angomakhelwani bakuleli

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *