Amaphoyisa aseKapa asebenza kanzima ukuqeda ubugebengu obubhidlangile emalokishini aseKapa,ngoba izigebengu zigijima nezikhali emgwaqeni. Lowomsebenzi wamaphoyisa aziwa ngeHarare Crime Prevention Unit (CPU) uthele izithelo ezinhle ngeskhathi ebopha abasolwa abathathu, iminyaka yabo ilinganiselwa emashumini amabili nesishiyagalombili 28 kuya emashumini amathathu, laba baboshelwe ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinye izikhali eziyingozi.
Izolo ngolwesibile 26 kuNhlolanja 2024,ngezikhathi zasemini yantambama,amalungu amaphoyisa abepatrola eMew Way abone iToyota Quantum elimhlophe ebelipakwe eduze kophawu lokuma emgwaqeni. Lemoto ibinamadoda amathathu phakathi, okuthe uma amaphoyisa esondela kulemoto yabo bavele bafaka umlilo emotweni yakhala amaphepha emgwaqeni Baden Powel okuthe uma amaphoyisa ebona bebaleka nawo abe esebalandela. Amaphoyisa abe esefonela amanye amaphuyisa ukuthi ebakakise leliQuantum nalapho abagcine bebanjwe emgwaqeni uHlonela okhona eHarare.
Abe esebasesha kanye nemoto yabo lapho abagcine bethola izikhali ezinjenge mimese kwathi umsolwa wesithathu kwatholakala nesbhambu esingekho emthethweni nenombolo yaso ecishiwe. Bonke bobathathu labasolwa bakhalelwe amasongo kasgonyela nalapho abathweswe khona acala, elokutholakala nesbhamu esingekho emthethweni kanye nokuphatha izikhali eziyingozi emphakathini. Namhlanje bebevele enkantolo kaMantshi yaseKhayelitsha ngamacala abathweswe wona.