Bahlabane Ngabaxhasi Abasha AbamaRed Nation

Izinsizwa ezisebenza noMthandeni Ndabeyphika Sk Igcokama Elisha Putin Manqele zihlabane ngendumezulu yabaxhasi abasha bezimpahla zokugqoka ezisezingeni eliphezulu, futhi ezimba eqolo kumanani azo. UMthandeni Manqele odabuka eMdletsheni eNyakatho yesifundazwe saKwaZulu-Natal noyinkosi esizweni sakhe samaRed Nation esidume kakhulu ngenhlanzeko. Leliqembu leSK Brothers elifuze umholi walo ngobunono, selizakhele olukhulu ugazi kubalandeli nabathandi bomculo bakamaskandi ngoba benamathele nse ezithendeni zikaMthandeni Manqele odume ngeGcokama Elisha emculweni kaMaskandi.

Lensizwa kamaShandu ethandwa kakhulu ngomculo wayo ojabulisa lonke uhlobo lomthendi womculi wakulelizwe laseNingizimu Africa ngoba izingoma zakhe kukhona ezinomaskandi lo okuthiwa owehawu lapho umculi akasuke eshinga khona engomeni, aphinde abe nezingoma zothando, izingoma ezakhayo entsheni nezingoma ezokujabulisa abantu kunoma ngabi iyiphi indawo abasuke bejabula kuyo.

Igcokama Elisha neSk Brothers bahlabane ngoxhaso oluvela enkampanini yezingubo i-Angelino nedayisa izingubo nezicathulo ezithandwa kakhulu ngamaBhinca. Inhlanzeko nomculo walezinsizwa usuzidonsele amehlo kubaxhasi abaningi ngoba kwaziwa ukuthi uMthandeni unabaxhasi abaningi bezimpahla zokugqoka.

Lokuxhaswa kwaleliqembu leSk Brothers liza nenzuzo eningi kubaxhasi ngoba benza inzuzo eningi kumkhiqizo wabo wezimpahla kwazise abathandi nabalandeli bomculi nabo benza ngokho konke okusemandleni ukuthi bahlanzeke njengomculi wabo bephinde futhi begqoke kahle njengo mculi wabo. Lokho kubasebenzela kakhuluke abaxhasi ngoba izimpahla zabo zithengwa ubuthaphuthapho.

Ngobani abakwa-Angelino

Lenkampani yasungulwe ngo-1999, uhlobo lwe-Angelino lwasungulwa njengophawu olufana nobuhle, isitayela, nokukhetha kwendoda engafuni lutho olungaphansi kokungcono kakhulu kwemfashini yesimanje yamadoda. Okwaqala njengokugxila ekwakhiweni nasekukhiqizeni othayi bamadoda nezinsiza zemfashini, ngokushesha kwanwetshwa kwaba yindlu yemfashini, edume ngokuklama nokukhiqiza imfashini esezingeni eliphezulu ngezingubo eziningi zamadoda okuhlanganisa amahembe, othayi, amasudi, amajakhethi ezemidlalo, amajini, ama-chinos nezicathulo ukubala ezimbalwa.

Namuhla imfashini ye-Angelino igcwele izitolo zezitolo ezizimele ezingaphezu kuka-50, eNingizimu Afrika nase-Sub Saharan Africa ezabelana ngombono wokukhethekile kanye nesigaba esifunwa yilowo muntu. Isitolo somqondo i-Angelino e-MALL OF AFRICA kanye ne-GATEWAY THEATRE OF SHOPPING yisahluko sakamuva salolu hlobo lwendlela yokuphila esihlale sigxile embonweni ofanayo kodwa manje sinikeza okuningi kakhulu. Isevisi yekilasi lokuqala yethimba labathengisi elizinikele nelinolwazi, inhlobonhlobo yomkhiqizo we-edishini elinganiselwe, ekhiqizwe ngokukhethekile isitolo somqondo, kanye nesevisi yokuthunga yamahhala ngenkathi usalindile.

Woza uzoyizwa namuhla. Phakathi kwemikhiqico eyenziwa yi-Angelino singabala izimpahla ze-Arbitor ezingaconsi phansi kubalandeli bakamaskandi kanye namabhinza nje wonkana. Lezicathulo ungabona  amabhinca ezigqoke ubuthaphuthaphu ucabange ukuthi zishibhile kanti klibhi klolo, zimba eqolo ngoba.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *