AMAPHOYISA OMNGCELE WASEZIMBABWE NESOUTH AFRICA AVALE BONKE UBUGEBENGU OBENZEKA EMNGCELENI.

Kumnkhankaso osanda kwenziwa amaphoyisa omngcele beqembu elisebenzela eMusina, eduze neBeitbridge Port of Entry ePolokwane ngeSonto mhla zi03 kuNdasa, 2024 ,lapho bebelwa nayo yonke into eyenzeka kuleyandawo ngokungemthetho,lomngcele uhlukanisa iZimbabwe neNingizimu Afrika. Lomkhankaso uthele izithelo ezinhle kakhulu ngoba amaphoyisa akwazile ukuthola izinto eziweliswa ngokungemthetho,kwathathwa nezikebhe okusolakala ukuthi zisetshenziswa uma kuwelwa umfula iLimpopo.

Ngeskhathi salomkhankaso lapho abakwasidlodlo bebesebenza ngokubambisana nophiko lweTambo International Airport Border Police,bebheka izinto ezishushumbiswayo. Abomthetho bathole izinto eziningi kubalwa izikebhe zokubawelisa ngokungemthetho, 25 litha kadisili,ugwayi ongekho emthethweni, utshwala obushushumbiswa phakathi kweNingizimu Afrika kanye neZimbabwe. Ngaphandle nje kokubopha abawela ngokungemthetho beze eNingizimu Afrika amaphoyisa akwazile nokubulala ibriji labo abawela ngalo ngokungemthetho.

Sisekhona lapho ekuvimbeni abantu abawela ngokungemthetho bephinde beshushumbise izinto nakolunye uhlangothi lomkhankaso owaziwa ngeVala umgodi owenziwa ithimba elaziwa ngeVhembe District Proactive Police. Kubanjwe amadoda ayisishiyagalolunye angawokudabuka ezweni laseZimbabwe ngokuwela umngcele ngokungemvume, ebangeni elingamakhilomitha angaphansi kweshumi mawsuka Bainbridge. Lamadoda atholwe enecala lokuwelela kwelinye izwe ngaphandle kwemvume ewagunyaza ukuthi ewele.

Umnyango Wezasekhaya ehhovisi labangaphandle likuqinisekusile ukuthi bonke laba abangene ngokungemthetho bazobuyiselwa emazweni abo ngokukhulu ukushesha. Lezinyathela ezenziwa abagadi bemingcele zibonisa ukusebenza ngokuzikhandla kwabo kanye nokuzinikela ekuvimbeni izigebengu ezingena kuleli ngokungemthetho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *