AMAPHOYISA AVUNDULULE AMASAKA OMTHUNZI WEZONKUKHU .

Uphiko oluphezulu ekulweni nobugebengu lwamaphoyisa,esifundazweni iNorthern Cape edolobheni laseKimberley lubhadame indoda ebishushumbisa ngomthunzi wezinkukhu, obungadayiswa R45 000 ngenani lasemgwaqeni. Lensizwa engadalulwanga igama layo kubikwa ukuthi ineminyaka engamashumi amane nanhlanu 45 ubudala.

NgoLwesibili mhla 13 Nhlolanja 2024 ezakwadalawane zagalela endaweni eyaziwa nge Pampierstad kulelidolobha laseKimberley, lakho zazikhashwa ezinye izinhlaka zezomthetho kubalwa Kimberley Task Team, Kimberly Public Order Police, Kimberly Tactical Response Team kanye namasosha (SANDF).

AmaPhoyisa azithela phezu kwensangu eningi kakhulu eyayifakwe emamasakeni elinganiselwa ukuthi ingadayisa R45000 kanye namabhakede ensimbi wona abegcwele imali ewuhlweza,lamabhakede ango 30litha ubukhulu bawo.

Indoda eneminyaka engama45 ubudala ibe isikhalelwa amasongo akwasgonyenya,ngokubandakanyeka ekushushumbiseni umthunzi wezinkukhu ngokungekho emthethweni nokuphatha inani elingaka lomthunzi wezinkukhu engenayo imvume .

Uphathi wamaphoyisa esifundazweni iNorthen Cape ongu Commissioner wesifunda , Lieutenant General Koliswa Otola usishayele esikhulu ihlombe lesenzo, nakuba kunguye wahlanganisile lamaqembu ezomthetho ukuba akhuculule konke ukuncola kwezidakamizwa nobugebengu emphakathini.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *