AMAPHOYISA ASENTUZUMA ASEZITHOLE NGOKUPHAZIMA KWESO IZIGEBENGU EZIZAME UKUBULALA IPHOYISA.

Akuthathanga iskhathi eside ukuthi amaphoyisa aseNtuzuma athole ababili abasolwa ngokuzama ukubulala iphoyisa lisemusebenzini,leliphoyisa elisebenzela eNewlands.Lesigameko senzeke izolo ngoLwesine,29 kuNhlolanja 2024.

Leliphoyisa belishayela imoto yamsebenzi lapho lithe malijika ekhoneni lomgwaqo Inanda kanye noMarbleray Drive kwaqhamuka iFord Fogo emhlophe eceleni kwakhe. Kwehla amadoda amabili kuleyomoto bephethe izulu lezandla. Okuthe uma iphoyisa libona lokho lahlehlisa imito ukuze lizokwazi ukubhaca livike lamadoda.

Lamadoda womabili agijime abuyela emotweni yawo,bayigoba imoto yajika bathi bayabaleka bazithela esiminyaminyeni somgwaqo nalapho besebehujwa amaphoyisa,badubula bebhekise emaphoyiseni³. Amaphoyisa abe nawo esevulela ngenhlamvu ukuziphindiselala kanti abasolwa bazophuma bebaleke.

Imoto yabasolwa ikwazile ukuphunyuka ibaleke okuthe amaphoyisa aseNtuzuma azithele kuyo ekhoneni lomgwaqo uMswenya kanye noNyala khona eNtuzuma. Babe sebebamisa babakhuthuza okuyilapho abathole ukuthi labasolwa banezibhamu ezinezinombolo ezicimiwe. Amaphoyisa athola ipleti lezinamba lasesifundazeni Gauteng kuyo lemoto nenqwaba yamakhadi asebhange khona phakathi emotweni.

Labasolwa balinganiselwa eminyakeni engamashumi amabili 20 kuya emashumini amathathu 30,abangabokudabuka khona eNtuzuma babe sebeboshwa bazovela enkantolo kaMantshi ngoMsombuluko, 04 kuNdasa 2024, ngamacala okuzama ukubulala kanye nokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *