AMAPHOYISA ASEDUBE ABULALA ABASOLWA ABANE EHARDING.

Sekudutshulwe kwabulawa abasolwa abane lapho okubekhona ukudubulala phakathi kwamaphoyisa nazo lezigebengu. Izinhlaka zamaphoyisa ezinhlobonhlobo bezihlangene okubalwa khona oklebe (hawks) neK9 namanye aqembu ongoti bokuphenya emaphoyiseni lapho bebebheka izigebengu emuva kokuthi kuphangwe usomabhizinisi endaweni yenxanxathela yezitolo (mall) eHarding, eseNingizimu nesifundazwe saKwaZulu-Natal.

Usomabhisinisi ongadalulwanga igama lakhe ngenxa yokumvikela uhambe wangena ebhenke elingaphakathi kwenxanxathela yezitolo nalapho akafike wakhipha isizumbulu semali nayo engadalulwanga nokuthe uma esesendleleni ephuma kulendawo eyimoli, wazithela phezu kwalezigebengu zabe sezimuphuca yonke imali yakhe zabe sezicela empunzini.

Zizamileke ukubaleka lezigebengu kodwa amaphoyisa azihubhe azithola, nokuthe uma amaphoyisa eqhamukela kuzo,athi izandla phezulu nalopho lezinsizwa azibange zisabuza mkhuhlane zadedela izulu lezandla zibhekise emaphoyiseni. Amaphoyisa nawo awabange esapholisa amaseko aphendula nawo ngenhlamvu kwathi abasolwa abane badubuleka bashona khona lapho endaweni yesigameko.

Amaphoyisa asaqhubeka nokuthungatha abanye abasolwa abakwazile ukubaleka ngeskhathi sokudubulana. Kutholakale izibhamu zabasolwa kanye nemali lena ebebeyiphuce usomabhizinisi. Kucelwa noma ngabe ubani onolwazi lwabasolwa ababalekile ukuthi bahlalaphi futhi bengatholakala kuphi akasize ethinte ingalo yomthetho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *