Ngokuphazima kweso amaphoyisa aseChatsworth abambe imugulukudu emibili esolwa ngokuqola izimoto zabantu. Ebusuku bangoLwesthathu amaphoyisa asukumele phezulu aya endaweni lapho elunwe khona indlebe ngezigebengu ezitshotsha izimoto bese beyazicuya endaweni iWestcliff eseChatsworth.
Bathe mebefika endaweni bazibonela ukuthi lona obebabikela Largento ubeqinisile ngoba bafike zimatasa izinsizwa zicuya. Labasolwa ababili balinganiselwa eminakeni engamashumi amathathu nanye 31 omunye emashumini amane 40 babe sebekhalelwa amasongo kasgonyela bayiswa esteshini samaphoyisa ngecala lokutholakala nezinto ezebiwe.
Okuthe ngoLwesine ziyi14 kuNdasa 2024,esigamekweni esingahlobene nalesi esingenhla. Amaphoyisa alandela umkhondo wemoto obekubikwe ukuthi yebiwe esibhedlela iKing Edward ngezikhathi zasemini. Nalapho kuhlangane amaphoyisa kahulumeni naqaphi bezimoto ngokuzibheka ngetrakha nalapho abathole ukuthi imoto isemgwaqeni omkhulu uM1 nalokho okuholele ekutheni kuboshwe umsolwa oneminyaka engamashumi amabili nambili 22 ubudala. Lapho abakwasidlodlo bathole imoto yohlobo lakwa Toyota iFortuner ebelitshotshiwe.