AMAKHOSI AVUTHA ENGABASELWE

Iqembu leKaizer Chiefs FC liyiqale ngegiya eliphezulu indebe yeCarling Black LabelCup ngoba livule umdlalo walo wokuqala wesigaba se16 ngokushisa isbhaxu esibuhlungu kabi kumansansansa asePitoli. Lomdlalo obuyizolo ebusuku ngehora lesishiyagalombili lapho iKaizer Chiefs FC bivakashele enkundleni yeSupersport United FC.

Umdlalo uqale ngegiya eliphezulu kakhulu kuwo womabile amaqembu nokwenze ukuthi ngomzuzu we19 umdlali wasesiswini wamakhosi uW Duba athole ikhadi eliphuzi. Kuthe makushaya umzuzu wama23 umdlali wasesiswini weSupersport uG Moralo naye wathola ikhadi, kwaphinda futhi ngomzuzu wama25 umdlali weChiefs wasemuva wathola ikhadi eliphuzi nokwenze ukuthi kuyiwe ekhefini esemathathu amakhadi aphuzi akhishiwe emaqembini womabili. Ngomzuzu wa33 ichiefs yathola igoli layo lokuqala emdlalweli elivalelwe enethini uG Serino ngokusizwa uM Shabalala, lokho kwenze ukuthi kuyiwe ekhefini iChiefs ihamba phambili ngegoli elilodwa eqandeni.

Zithe mazibuya ekhefini abafana basePhefeni babuya ngathi besebethelwe ngezibonkolo ngoba kuthe ngomzuzu wama53 kwaqhuma igoli lesibili elishawe uY Maart ngokusizwa uG Serino. Emzuzwini we61 kube khona ushintsho eqembini lasekhaya okuyiSupersport United FC bakhiphe uK Ayer wasesiswini bafaka uL Lakay odlala emuva, baqhubekile nezinguquko ngoba bephinde bashintsha abadlali ababili emzuzweni wa72 kuphume uT Morris ongumgadli kwangena omunye umgadli uN Mangezi, kwaphuma futhi umgadli uT Dzukamanja kwangena uT Mahlangu.

Zonke lezinguquko ezenziwe iSupersport Fc kube nhlanga zimuka nomoya ngoba ngomzuzu wa73 iChiefs ifake igoli lesithathu elishawe uR Chivaviro ngokusizwa uW Duba, Ngomzuzu wa76 Amakhosi akhikhe uY Maart ogijima esiswini afaka uM Vilakazi naye ogijima endishini, baphinda bakhipha uG Serino bafaka u-E Castillo bobabili badlala esiswini, bakhipha futhi uR Chaviro ongumgadli bafaka u-A Du Preez ongumgadli naye. Ngomzuzu wa79 iqembu leSupersport ligqemeke engeqiwa ntwala ngoba umdlali wabo wasesiswini uthole ikhadi lesibili eliphuzi laselibabomvu waphuma kanjalo.

Ngomzuzu wa84 amaqembu ashintshe womabilingoba iChiefs ikhiphe uW Duba wasesiswini yafaka uP Mmodi wasesiswini naye, yaphinde yakhipha uM Shabalala esiswini yafaka u N.N Mgcobo, nasohlangothini lweSupersport Fc ikhiphe umdlali wasesiswini uS Ndlovu yafaka omunye wasesiswini uD Jansen, yaphinda yakhipha uV Pule yafaka uB Poggenpoel. Kodwa iSupersport ihluleke yancama ukuthola igoli lokubika kunalokho iChiefs uqhubekile ukufaka usawoti esilondeni ngoba ngomzuzu wa95 ithole igoli elivalelwe u-A Du Preez ngokusizwa u-E Castillo. Umdlalo waphela iChiefs inamagoli amane eqandeni.

Kanti Kweminye imidlalo yosuku yeCarling Black Label Cup imiphumela yakhona ihambe kanje Orlando Pirates Fc 2- 3 Magesi Fc, Polokwane City Fc 2-3 Marumo Gallants Fc, Mamelodi Sundowns 5-0 Golden Arrows FC, Cape Town City Fc 3-0 Royal AM.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *