AKASEKHO EMHLABENI USPHIWE”DR MNANDI” MKHONZA.

Lowo owayengumdlali webhola emaqenjini ebhola lakuleli ahlukahlukene akasekho emhlabeni emva kokunxinwa ukugula isikhathi eside. USphiwe Ignatius Mkhonza owazalwa zimbili kuMasingana 1979, elokishini laseGauteng,iSprings. Wayengumdlali wasemuva emaqenjini akawadlalela naseqenjini lesizwe lakuleli iBafana Bafana.

UMkhonza udlale emaqenjini amaningi akuleli ahlukahlukene sibala Bloemfontein Celtics, Ria Stars,Lamontville Golden Arros,Kaizer Chiefs,Supersport United, Maritzburg United, AmaZulu Fc kanye neBlack Leopards wakwazi ukunqoba izindebe eziyisikhombisa ebholeni laseNingizimu Afrika. Udlule emhlabeni eseneminyaka engamashumi amane nane 44.

UMkhonza esethathe umhlala phansi ebholeni wathola umsebenzi kwaSABC njengomhlaziyi webhola likanobhutshuzwayo, nokwamakhela ugazi kakhulu kubantu baseMzansi ngoba wayehlaziya ngendlela ethandwa abantu emakhaya. Ubanakele ezinhlelweni ezinjengo Soccer zone lapho kwakukhona ingxenye yakhe eyaziwa ngeMnandi Moment lapho esuke encoma umdlali osuke enze kahle emdlalweni yempelasonto.

UMkhonsa okuvelile ukuthi vele besehlale ebambekile ngenxa yezinso zakhe ebesezingekho esimeni. Nalapho akangèniswe khona esibhedlela iCharlitte Maxeke ngenyanga eyedlule waphinde wakhishwa ngenxa yezìmpawu zokukhombisa ukululama. UMkhonza benakekelwa umuntu abethandana naye nongumama wezingane zakhe ezintathu uNkosazane Nondumiso Masengemi,ekhaya labo elise Roodepoort.

Umndeni ube usudlulisa okukhulu ukubonga kubaqashi bakaDr Mnandi okuyiSabc,ngokunika indodana yabo ithuba lokusebenza ngento ebeyithanda kakhulu ibhola,nokumubekezelela ngezikhathi zobunzima lapho esuke ebambeke kakhulu kungayeki emsebenzini. Babonga omakade ebona ebholeni ngokumeseka kanye nabo bonke amangani bakhe, abebehlezi benaye njalo.

Mkhonza ushiye emhlabeni izingane zakhe, ubaba wakhe uJoseph Skheshe Kheshe Mkhonza,umawakhe uPhindile Mkhonza, umfowabo kanye nomawezingane zanke obehlale enaye njalo ngezikhathi zobunzima. Umndeni usazohlangana bese wenza isimemezelo mayelana namalungiselelo okufihlwa kuka Dr Mnandi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *