Sekusuke omkhulu umsindo ezunkundleni zokuxhumana kubathandi bezemidlalo bakuleli laseNingizimu Afrika kulandela ukungenami ngezinqumo zikanompempe obedlalisa umdlalo wamanqamu eMTN Top8 phakathi kweOrlando Pirates Fc vs Stellenboch Fc okunguMnumzane Abongile Tom. Lomsindo uqubuke kakhulu ngegoli lesibili le Orlando Pirates Fc.
Igoli lesbili leOrlando Pirates lisuse omkhulu umsindo nokungenami ngezinqumo zikanompempe ngendlela akavumele ngayo isinqumo sabadlali beOrlando Pirates Fc sokuthatha ngokukhulu ukushesha ifreekick yabo negcine ivalelwa enethini uMabasa. Kulesimo kubonakale uMofokeng edlala ibhola kude nalapho bekulimale khona umdlali wangakubo, nalapho bekulindelwe ukuthi. eyidlale khona nokukhalise kakhulu abadlali beStellenboch Fc ngegoli.
Abanye bathi iphutha lokuqala kunompempe kuloyamdlalo libe ngeskhathi evumela igoli leStellenboch Fc ngoba nalo bekungafanele libalwe. Indlela elizengayo okuwukuphosa ibhola ebeliphumele ngaphandle nayo bingenabo ubulungiswa, ngoba ibhola liphume emuva kodwa laphoswa kwenye indawo engaphambili. Likho bekumele abasizi bakanompempe nonompempe bekubone bekulungise ngokushesha kungenzeki. Ngoba abanye baze baveza umthetho othi uma ibhola liphoswe endaweni elingaphumanga kuyo ngokwebhola kuyicala. Kunjalo nje kumele ibhola liphoswe okwesibili uhlangothi olunye endaweni lapho eliphumele khona . Ngoba ubona izithombe nemidwebo ngasenhla.