ABAPHENYA NGOBUGEBENGU NOKUZIPHATHA KWAMAPHOYISA ABAZIWA NGE IPID BABOPHE IPHOYISA NGECALA LOKUBULALA NOKUZAMA UKUBULALA.

Uphiko lweIPID selubophe elinye phoyisa ngezinsolo zamacala amabili okubulala kanye namathathu okuzama ukubulala. UConstable Checha Doctor Makua oneminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili 38 owaboshiwe mayelana nesgameko esenzeka mhla 30 kuMandulo 2023.

Kuvela ukuthi iphoyisa uConstable Makua osebenzela esteshini esise Ogies njengomseshi,kubikwa ukuth wavele wadedela inhlamvu kubantu ababehleli emotweni,eyayipake emgwaqeni oseduze nekhaya lakhe. Lapho kwashona khona abantu ababili okunguDineo Kekane(24) beno Ricardo Henganane(24) emva kwamanxeba ukudutshulwa.

Kukhonake abanye abalimala kabuhlungu kulesigameko okungu Mbali Magakwe, Ivan’s Lekala nabo bobabili bana 24 weminyaka nomunye wesithathu ongu Goodwill Mdluli bona abathola amathonsi abanzi kodwa baya ezibhebhela lapho abathola ukulashwa njengoba besadla anhlamvana. Leliphoyisa elinguConstable Makau uvele okokuqala nqa enkantolo namhlanje, ukubhekana namacala akhe kwelokubulala nokuzama ukubulala abantu abathathu. Lelicala lihlehlisiwe lahlehliselwa umhla zizine 04 kuNdasa 2024,nalapho akayokwazi nokucela ibheyili enkantolo kaMantshi yaseOgies. Okwamanje leliphoyisa elingumbulali lisazobhadla ejele okwamanje.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *