Ngoba sisenyangeni yamagugu ephinde ihlanganise umgubho weNkosi yesizwe samaZulu, nekwiyona engumbumbi wesizwe saMazulu okunguShaka Zulu kaSenzangakhona. Kubalulekile ukuba isizukulwane nesizukulwane sesizwe samaZulu sazi ngomlando waso ikakhulukazi othinta ukubunjwa kwaso kanye namakhosi aso.
Abantu bakwaZulu badabuka ebukhosini obukhuluma isiNguni obavela eduze komfula uMfolozi eMhlophe endaweni manje ebizwa ngokuthi iKwaZulu-Natal, eNingizimu Afrika, cishe ngekhulu lemnyaka ye-16, ngenxa yokufuduka kwabantu abakhuluma isiNtu besuka e-Afrika Emaphakathi.
Leli qembu elincane lagcina selikhule laba yisizwe samaZulu esinamandla ngaphansi kweNkosi uShaka ngekhulu lemnyaka ye-19, kodwa izimpande zabo zokhokho ezijulile ziboshelwe ekufudukeni okubanzi kwabakaNtu okwasakaza amasiko nezilimi kulo lonke elase-Afrika eseningizimu yeSahara.
Ukufuduka Kwabantu: Abantu bakwaZulu bayingxenye yamaqembu amakhulu akhuluma isiNtu okhokho babo basuka e-Afrika Emaphakathi naseNtshonalanga ezinkulungwaneni zeminyaka edlule, inqubo eyaziwa ngokuthi ukufuduka kwabantu.
Abantu bakwaNguni: Njengoba la maqembu esabalala, azinza ezifundeni ezahlukene, amaZulu alandelela uzalo lwawo egatsheni lesiNguni lomndeni okhuluma isiNtu, owagcina uzinze eNingizimu Afrika ngasogwini olusempumalanga.
Ukuvela KwaZulu-Natal: Ngekhulu le-16, ubukhosi obuhlukile abakhuluma isiNguni, uhlobo lokuqala lweqembu lamaZulu, bavela endaweni manje ebizwa ngokuthi KwaZulu-Natal, eNingizimu Afrika.
Ukuzalwa Kwesizwe samaZulu
Isisekelo soMbuso: Nakuba abantu abakhuluma isiZulu base behlala kule ndawo amakhulu eminyaka, kwakungaphansi kweNkosi uShaka, ngo-1818, lapho iqembu elincane lamaZulu lahlanganiswa laba isizwe nombuso obumbene nonamandla.
Izimpande Zamasiko Nezilimi: Ulimi, isiZulu, namanye amasiko amaZulu azixhumanisa nenethiwekhi ebanzi yemiphakathi ekhuluma isiNguni eNingizimu Afrika.
UShaka Zulu kaSenzangakhona wazalwa nini ngubani?
UShaka Zulu kaSenzangakhona wazalwa emnyakeni wamakhulu ye17 noma usuku lungaziwa kahle kodwa ucwaningo luthi unyaka wama 1787 kuNtulikazi. UShaka wayeyindodana keNkosi uSenzangakhona Zulu neNkosazane yaseLangani uNandi Mhlongo.
Kwathi uShaka eseneminyaka eyisithupha ubudala abazali bakhe bahlukana ngoba unina uNandi wathwala yonke imthwalo yakhe wabuyela kubo eLangeni, nalapho waqala khona ukukhula ngaphandle kukayise. unina wayeyinhlekisa kubantu baseLangeni ngoba wayesengumabuya emendweni. Okuthe ngonyaka ka1802 abaseLangeni bamxosha uNandi, okwamenza ehamba ebhaca nabantwana bakhe waze wafika wathola imfudumalo esizweni sakwaMthethwa.
AbaThethwa ngaphansi kweNkosi uDingiswayo bamkhulisa kahle uShaka nalapho akaba inxenye yamabutho akhona, iNkhosi uDingiswayo yayimkhonze njenge ndodana yayo uShaka Zulu. UShaka eneminyaka engamashumi amabili nantathu (23) wabuthwa nalapho waba inxenye yebutho iminyaka eyisithupha nalapho waveza amava akhe obuhlakani kwezempi nalokho okwakwenza isizwe sakwaMthethwa sinqobe zonke izimpi zaso siphinde sibe esisatshwayo kakhulu.
Ukuthatha ubukhosi bakwaZulu uShaka
USenzangakhona wakhothama ngonyaka ka1816 nalapho waphakamisa uSgujane njengendodana yakhe ezohlala esihlalweni. NoDingiswayo wamdedela uShaka ukuba eyolwela okungokwakhe, wamnika amabutho ayezohamba nawo emgadile uma esefika kubo kwaZulu ezothatha ubukhosi bakhe.
Kubantu ababekhaphe uShaka kwakukhona noNgomane kaMqomboli nowagcina esenguNduna Nkulu kaZulu. Ukufika kwabo kwaZulu yayisibekiwe inkosi okwakuwuSgujana nokwadala ukuthi uShaka embulale ukuze ethathe ubukhosi. Kusuka lapho isizwe asiphindanga safana ngoba uShaka wafika washintsha izinto eziningi waphinde wakhulisa isizwe sakwaZulu.
Into yokuqala ehlale eskhalweni sobukhosi wabumba amabutho, lokho kwakuyizinhlelo zokuqinisa isizwe nobukhosi bakaZulu. Isiko lokusoka lamiswa ngoba wayekholelwa ekutheni limosha iskhathi ngoba lizimbela izinsiza eziningi ukuba zingene emabuthweni ziye empini.
UShaka eseyinkosi waziphindiselela kubobonke ababemhlupha nonina esemncane ngoba wabuyela koninalume wafike wajoja ababemhlukumeza eseyingane kanye nonina. Emva kwesikhathi esingangonyaka isizwe sakwaZulu sasesikhule ngamandla. Ngonyaka ka1817 emva kokubulawa kweNkosi uDingiswayo wakwaMthethwa ebulawa abakwaNdwandwe kwamcasula kakhulu lokho uShaka kodwa kolunye uhlangothi kwamnika amandla okuhlanganisa zonke izizwe zikhonze kwaZulu zonke kube uye iNkosi yamakhosi.
Ukukhothama kukaShaka Zulu kaSenzangakhona
Ukudlula emhlabeni kweNdlovukazi uNandi ngonyaka ka1827, kukholakala ukuthi kwamlimaza kakhulu uShaka nokwahlukumeza imizwa nomqondo wakhe. Kwabilawa izinkulungwane zamabutho ukundlalela iNdlovukazi, kwaphinde kwazilwa ukulima kanye nokusenga izingomo ngenhloso yokuzila kodwa lokho kwabulala isizwe ngenkemane. Kwakubulawa bonke abantu abazithwele nabakhwenyana babo ngoba shuthi bona babrngazilile. Izinkomazi zazibulawa zishiyiswe amankonyane ukuze azozwa ubuhlungu nawo okulahlekelwa onina.
OKwathi makuqala unyaka ka1828 uShaka wajuba amabutho ukuba eyohlasela ezweni eliseningizimu eze eyofika emnceleni weKoloni. Lokho kwakusho ukuthi amabutho azohamba iskhathi eside ngaphambi kokubhekisa amabombo emuva ekhaya. Ngoba babebheke kwelikude izwe okwathi mebebuya bangaphumula wabakhomba ezweni eliseNyakatho, lokho kwakuyinto enzima kakhulu emabuthweni.
Lapho kwahlangana ubabekazi wakhe uMkhabayi ngokubona isimo siya siya sibabucayi kakhulu wahlangana nabafowabo kaShaka uDingane noMhlangana kanye nensila yakhe uMbopha kSthayi. Okwathi ngohlaka 24 kuMandulo, bahlangana mambulala.
Owathi esezophuma umpefumula wath” Aw Mbopha nawe nja yami uyangibulala? Kodwa ngeke nilibuse leli liyobuswa izinkonjane’
Izigodlo zeNkosi uShaka
INkosi uShaka wayenezigodlo eziningi kodwaukubalula ezidumile ikwaBulawayo, leso sgodlo siphakathi kweShowe neMpangeni esesakhiwa njengendawo yamagugu esifundazweni sakwZulu Natal. KwaBulawayo kuzethuna leNdlovukazi uNandi nalapho lesigodlo sasithathwa njengekomkhulu leszwe samaZulu. Savulwa emva kokuthi iNkosi uShaka enqobe isizwe sakwaNdwandwe empini eyalwa izinsuku.
Esinye isigodlo ikwaDukuza manje esekwaziwa ngeStanger nokuyilapho umphefumulo wakhe owaphumela khona mhla esocongwa ngabanewabo oDingane noMhlangana. Nalopho kuthiwa watshalwa emgodini wamabele ngenhloso yokuthi oyoba imbeyo eyomila izinkumbi ngezinkumbi zamaqhawe akwaZulu. Njalo iSilo esisuke sisesohlalweni senza umgubho wokubungaza leliqhawe minyaka yonke.
Kube ikwaKhangelamankengana lendawo yaziwa ngeCongella manje lesgodlo uShaka wayesakhe ngenhloso yokubona uma kukhona abelumbi abaphuma olwandle ngoba phela abelungu babehamba ngezikebhe befika kuleli. Leso sgodlo lapho esasikhona sekwakhiwa isibhedlela iKing Edward.
Izibongo zeNkosi uShaka Zulu kaSenzangakhona
UDlungwana kaNdaba!
UDlungwana woMbelebele, Odlang’ emanxulumeni, Kwaze kwas’ amanxulum’ esibekelalana.
UNodumehlezi kaMenzi, USishaka kasishayeki kanjengamanzi, Ilemb’eleq’amany’amalembe ngokukhalipha; UShaka ngiyesab’ ukuth nguShaka, Ngob’ Shaka kuyinkosi yasemaShobeni.
UNomakhwelo ingonyama; UMahlom’ ehlathini onjengohlanya, Uhlany’ olusemehlwen’ amadoda.
UDabaz’ ithafa ebeliya kuMfene; UNomashovushovu kaSenzangakhona, UGaqa libomvu nasekuphatheni.
UBholokoqa bazalukanisile, Zalukaniswe uNoju noNgqengenye, EyakwaNtombazi neyakwaNandi; Yayikhiph’ eshoba libomvu, Ikhishwa elimhlophe lakwaNandi.
Bambiz’ eMthandeni beyisela, Bathi Singesinelane neNtungwa lasenhla; Kant uzawudl’ uPhakathwayo emphindelweni.
UVumavumane lukaphephe, UDlungwana wavuma na? Umvumeleni uGodolozi, Ethi ngowanganeno kwaNandi, Kant’ ukude kwaNtombazana? Ilanga eliphahl’ elinye ngemisebe, Kalokhu liphahl’ eliseMthandeni.
Amazwi mabili engiwabongayo, Ngibong’ elikaMpandaba nelikaNdungenkomo, Bethi ”Ucu aluhlangan’ entanyeni”, Akenibuze kwabaseZinkondeni, Bath’uHilwayo bayakumhlaba kwaHlokohloko, Kwaf’ amasi kwaf’ uqephe.
Uteku lwabafazi bakwaNomgabhi, Betekula behlez’ emlevini, Beth’ uShaka kakubusa kakuba nkosi, Kant’ unyakan’ uShaka ezakunethezeka khona.
Inkom’ ekhala eMthonjaneni, Izizwe zonke ziyizwil’ ukulila, Izwiwe uDunjwa wasoYengweni, Yaziwa uMangcengeza wakwaKhali.
UMlilo wothathe kaMjokwana kaNdaba; UMlilo wothathe ubuhanguhangu, Oshis’ izikhova eziseDlebe, Kwaya kwasha neziseMabedlana.
Odabule kuNdima noMgovu, Abafaz’ abenendeni baphuluza; Imikhubalo bayishiy’ izinqindi, Imbewu bayishiya semahlangeni, Izalukazi zasala semanxiweni, Amaxhegu asala esemzileni, Iziqu zemithi zabheka phezulu.
WENA WENDLONVU BAYEDE!